IBangacuphi
Appearance
![](https://cdn.statically.io/img/upload.wikimedia.org/wikipedia/commons/thumb/6/62/Sine_wavelength.svg/220px-Sine_wavelength.svg.png)
Kumchazandalo, ibangacuphi lingubude obakhiwa ibanga lamaza lapho ephinda ukuvingqoza. Liyibanga eliphakathi kwamachopho amabili alungene nalandelanayo esigaba esifanayo samaza, njengasezilubeni ezimalumbe, imikhombe, noma izanhlukano-nguqu, futhi liyinkondolo kokubili yamaza akhenkethayo namaza amileyo, kanye nezinye izifanelo ezenziwa amaza. Ukugusha kwebangacuphi kubizwa ngokuthi umjingo wendawo. Ibangacuphi livame ukuboniswa ngohlamvu lwesiGriki olubizwa lambda (λ).